Igama lesayensi likaMdoni ngu-Syzygium cordatum, elaziwa ngesiNgisi ngokuthi i-"Water Berry" noma i-"Waterwood". Lesihlahla sihlala luhlaza unyaka wonke, sithanda amanzi, singowomndeni wezitshalo i-Myrtaceae, futhi sikhula sifinyelele ubude obuphakathi kuka-8m no-15m. Sitholakala eduze kwemifula, emaphethelweni ehlathi, noma ezindaweni ezimanzi - yingakho kukhona umdoni wehlathi kanye nomdoni womfula.
Amaqabunga awo asindilinga, abe luhlaza okoluhlaza-esibhakabhaka phezulu, abe luhlaza olucwebile ngaphansi; amaqabunga amasha abomvu. Izimbali zawo zimhlophe kuya ku-pinki, zinephunga elimnandi, zinezimuncu eziningi ezicwebezelayo futhi zikhipha uju oluningi (nectar), ziqhakaza phakathi kuka-Agasti noNovemba. Izithelo zombala obomvu kuya ku-purple omnyama uma sezivuthiwe, okuyizona zindoni ezidliwayo.
Umdoni uyangeni emithini yedlozi uyangeni emithini yokukhipha idliso, elinye igama lomdoni udlozikhulu umuthi ngoba usebenza impela emithini yedlozi, umdoni uletha inhlanhla . Umdoni ususa amathunzi amnyama uqeda izinduna ebusweni ukhipha idliso. Iqolo elibuhlungu noma unesilonda semimoya thaka umdoni neminye imithi usizakale. Izindoni uma sezivuthiwe uyazithatha uzifake emanzini, uziphuzise umuntu ongasakudli okudla uma egula uyasinda. Umdoni uyangena futhi kwintelezi yokuchela egcekeni, futhi uyasibamba isisu uma sikhishwa. umdoni wehlathi vs umdoni womfula. Kunomdoni wehlathi, kanye nomdoni womfula - zombili izinhlobo ziyasetshenziswa. njengoba amagama ezichaza umdoni womfula umila eduze namanzi emifuleni umdoni lona othanda amanzi. Bese kuba umdoni wehlathi lona umila eqeleni nasemahlathini.
Ukukhipha idliso usebenzisa umdoni ufaka umathunga, umbondo, ubhatini kanye neminye imithi. Icombo lena ehlangene nomdoni ilikhipha idliso ililahle laphaya.
Ukuchatha ngomdoni kuyasiza uma unenkinga yeqolo. Uma uzochatha uxuba nomganu noblekwana kanye neminye imithi
ukuphupha udla izindoni or ukuphupha isihlahla somdoni noma umdoni kuchaza ini? Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |